Izimvula ezinkulu zibulale 22 eNdiya
2012-11-05 10:31
Hyderabad - Izikhulu zikahulumeni eningizimu yesifunda saseNdiya zithi izimvula ezinamandla ebezihambisana nokuduma kwezulu zibulale cishe abantu abangu-22 ngezinsuku ezine.
U-T. Radha, ongukhomishana wesifunda, uthi abantu babulawe ukumuka nokubhidlika kwezindlu ezindaweni zase-East Godavari esifundeni i-Andhra Pradesh, lapho okube khona imvula engu-31 centimeters ngempelasonto, nokuyimvula enkulukazi eminyakeni engu-40.
Zidlulele eTamil Nadu ngoLwesithathu olwedlule kwashona abantu abayisishiyagalombili.
Cishe babalelwa ku-95 000 abantu abayiswe ezindaweni zokuhlala isikhashana ezindaweni ezintathu zase-Andhra Pradesh, kusho uRadha etshela i-Associated Press ngoMsombuluko.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP