Izikhukhula zibulale 455 ePakistan
2012-10-17 12:02
Islamabad - Izikhukhula esezibe khona isikhathi eside ePakistan sezibulale abantu abangu-445 kula masonto ayisihlanu edlule zakhahlameza abangaphezu kuka-5 million, ngokusho kwezibalo zophiko lwezinhlekelele elingaphansi kukahulumeni.
IPakistan isihlaselwe yizikhukhula ezinzima kule minyaka emibili eyedlule, okubalwa nezingakaze zibonwe emlandweni wezwe nezenzeka ngo-2010 kwashona abantu abangu-1 800 kwathi abangu-21 million baphazamiseka.
Abakhahlamezeke kakhulu yilabo abasesifundazweni iSindh, nalapho iNational Disaster
Management Authority (NDMA) ithe babalelwa ku-3 million abantu abathintekile.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP