Izikhukhula zibulale 25 eSri Lanka
2012-12-20 12:03
Colombo - Izikhukhula zibulale okungenani abantu abangu-25 eSri Lanka zashiya abantu ababalelwa ekoteni yesigidi bengenamakhaya, kusho izikhulu zezinhlekelele ngoLwesine.
Izimvula ezinamandla, nezihlasele lesi siqhingi isonto lonke, kuthiwa zisaqhubeka kwezinye izifunda.
USarath Lal Kumara, nongumqondisi wesikhungo sezinhlekele, uthe bangu-25 abantu ababikwe ukuthi bashonile kanti abangu-36 badukile.
Ukushona kwabantu okuningi kudalwe ukubihlika komhlaba nokudale ukuthi udaka luwele emizini yabantu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP