'Itholakale ime mpo induku kozibulele encishwa'

2014-09-16 09:33

Harare - Owesilisa waseGwanda, eZimbabwe, oneminyaka engu-54 ubudala obebulawa yindlala yocansi uphenduke uhlanya, wayocekela phansi umuzi wakubo wesithandwa sakhe ngemuva kwalokho wazilengisa ngenxa yokuthi wayencishwa ucansi futhi elaliswa yedwa.

UTsemi Natala ubevakashele isithandwa sakhe uThandekile Sibanda, 48, ngoLwesine olwedlule  ngesikhathi evuka embhejazane eshisa izindlu ezintathu zakubo kwesithandwa sakhe ngaphambi kokuba azibulale.

Indodana yakhe eneminyaka engu-19 ubudala izamile ukukhuza kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Amahlebezi angaqinisekisiwe athi induku kaNatala ibisamile mpo nangesikhathi esezibulele.

Funda olunyde udaba: Kuzilwa ucansi eSwazini.

Umthombo utshele abezindaba iMy Zimbabweukuthi lo mlisa bamfice induku yakhe isamile kodwa akekho ohlekile ngayo ngenxa yokuthi ubeseshonile.

"Kungenzeka ukuthi kade alugcina ucansi,” kusho ozibonele.

Ngokocwaningo olwenziwe yiMy Zimbabwe, kuyenzeka ukuthi induku yowesilisa iqhubeke nokuqina ngisho eseshonile uma ebekade ezibulale ivele iqinile.

Okhulumela amaphoyisa aseMatabeleland South, u-Inspector Philisani Ndebele akatholakalanga ukuba aphawule.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
4 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...