Iswine flu flu ibulale abangu-12

2012-03-23 16:21

New Delhi - Abantu abangu-12 bashonile e-India, ngesikhathi kubheduka umkhuhlane iH1N1, eyaziwa nge swine flu.

Umkhuhlane ubheduke ngenyanga kaMashi, bangu-110 abantu ekuthiwa bangenwe ngumkhuhlane, kusukela ubhedukile.

UMnyango wezeMpilo ukhiphe lombiko ngoLwesine, uthi bonke abantu abathole igciwane lomkhuhlane baqhamuka ezifundazweni ezise mpumalanga nezwe.

"Uhulumeni wenza yonke imizamo ukuqinisekisa ukuthi ulwa negciwane lomkhuhlane iH1N1," kusho okhulumela uMnyango uS. Sharan.

Ngonyaka ka-2009, bangaphezu kuka-500, abantu ababulawa yilo mkhuhlane e-India, kwathi abangu-14 000 batheleleka.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...