Isiteshi siphefumule ngolwasebukhosini

2012-12-10 12:04

Sydney – Omunye wabasakazi bomsakazo wase-Australia owenza ihlaya ngokufonela isibhedlela esilapha unkosikazi kaNkosana William, uKate, ngoMsombuluko uvele wakhala ngesikhathi ekhumbula ngokuzwa izindaba zokutholakala kukanesi abakhuluma naye eshonile.

UMel Greig nozakwabo uMichael Christian abasebenza esiteshini somsakazo eSydney i-2Day FM bathole ukwelulekwa ngokwengqondo kusukela ihlaya labo lasusa umsindo kulandela ukuzibulala kukaJacintha Saldanha.

Ephawula okokuqala selokhu uSaldanha ashona ngeledlule eLondon, uGreig obekhathazekile uthe kumethusile ukuzwa ukuthi lo nesi ongowokuzalwa e-India ushonile.

"Ngebhadi ngisikhumbula kahle lesiya sikhathi kanti futhi ngihlala ngicabanga ngaso selokhu kwenzeka,” usho kanje etshela abe-Australia's Seven Network enkulumeni emfushane yabo ngaphambi kwaleyo ezosakazwa iphelele ngoMsombuluko ntambama.

Kwenye inkulumo yakhe nabe-Nine Network, uGreig uqhube wathi: "Ngifikelwe ukuthi kumele ngibonane nomndeni wakhe, ngiwutshele ukuthi ngiyazwelana nawo."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 18-32°C Tstorms late. Morning clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...