Isiteleka sezindiza eSpain

2012-04-09 15:02

Spain - Inkampane yezindiza yaseSpain i-Iberia ithe imise ukusebenza kwezindiza ezingu-124 ngoMsombuluko njengoba abashayeli bazo bengenela isiteleka sosuku olulodwa.

Inyunyana yabashayeli bamabhanoyi iSEPLA ithembise ukuteleka njalo ngoMsombuluko nangoLwesihlanu kuze kushaye umhla zingu-20 kuJulayi, okuyoba izinsuku ezingu-30.

Abasebenzi bateleka ngenhloso yokukhombisa ukungahambisani nenkampani iBudget Airline, eqale ukusebenza ngoMashi.
I-Iberia ihoxise u-30% wezindiza obekumeze zisebenze ngoMsombuluko, kusho okhulumela le nkampane, okuyisenzo esiphazamise abagibeli abaningi abebebuyela amakhaya ngemuva kwamaholide ePhasika.
Abaphathi be-Iberia nenyunyana yabashayeli bamabhanoyi abo bayahluleka ukuthola isivumelwano ngokusungulwa kwe-Iberia Express.
I-SEPLA ithi ukusungulwa kwe-Iberia Express kuphula isivumelwano sokusebenza. Inyunyana ithi sbaphathi be-Iberia bahlela ukuhambisa amabhanoyi angu-40 bawayise enkampanini entsha, okuyinto ezokwenza kulahleke imisebenzi engu-8,000.
I-Iberia yona ithi inyunyana ikhombisa ukungabakhathaleli kanti sebenqume ukuliqhuba enkantolo loludaba.


  "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 11-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 6-16°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 17-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...