Isiphepho sibulale 7
2012-12-27 12:08
Chicago – Isiphepho esinamandla esenzeke ngoKhisimusi eGulf of Mexico esihambisana nesithwathwa, nesishingishane sidlule nemiphefumulo yabantu abayisikhombisa samisa ukuhamba kwezindiza ezingaphezulu kuka-2 000.
Isiphepho siphazamise izivakashi njengoba abantu bexwayiswe ngokuthi bahlale ezindlini.
Abesimo sezulu baxwayise ngobungozi bokuhamba ngenxa yesithwatha esivale imigwaqo bathi isisindo samaqhwa singawisa izintambo zikagesi nezihlahla.
Kumanje balinganisela ngaphezulu kuka-200 000 abangenawo ugesi.
Abesimo sezulu bathe kulindeleke kube no-46cm wesithwathwa kusukela ezindaweni zaseNew York kuya eMaine baphinde baxwayisa ngezimvula ezihambisana nokubanda, isishingishane, kanye nokuduma okunamandla kwehle njalo kuya eCarolinas.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP