Isiphepho sibulale 15 ePhilippines
2012-12-28 14:33
Manila - Isiphepho esinamandla esihlasele ePhilippines ngemuva kukaKhisimusi sibulale okungenani abantu abangu-15 kwathi abayisithupha baduka, kusho uMnyango wezeokuVikela ngoLwesihlanu.
Isiphepho iStorm Wukong sihlasele izifundazwe ezisempumalanga ngoLwesithathu, sadala izikhukhula ezishiye abantu abangu-28 000 bedinga.
Iningi labashonile, babulawe ukugwiliza kwathi abanye bashaywa yizihlahla ebeziwela phezu kwabo abanye bavukwa yisifo senhliziyo, kusho uRosario Cabrera, nokhulumela lo Mnyango.
"Abalahlekile bagugulwe ngamanzi abenamandla ngenxa yokugcwala kwemifula."
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA