Isimanga owesifazane ezala ingane wayintshinga ngewindi
2015-09-30 12:31
New York – Owesifazane okuthiwa ufihlele isoka lakhe ukuthi uzithwele,
ubelethe ingane esesokeni wase eyintshinga ngewindi isuka esitezi sesikhombisa,
kusho amaphoyisa aseMelika.
Lo wesifazane ube esekhalelwa amasongo kaSigonyela ngoLwesibili wabekwa
icala lokubulala.
Amaphoyisa athi athole usana lukaJennifer Berry inkaba ingakanqunywa,
lusegcekeni ngoMsombuluko ntambama.
OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elowesifazane owalaxaza usana ePMB
Amaphoyisa athi ababele kule ndawo ngemuva kokubikelwa ngosana olusacazeke
phansi lusuka esitezi.
Ukuhlolwa kwesidumbu kuveze ukuthi le ngane ibulawe ukushayeka kabi phansi,
kusho uDkt Barbara Sampson okunguye ohlole lolu sana, wathi luzalwe luphila.
Isoka likaBerry, 33, lithi belikwelinye igumbi ngesikhathi ingane izalwa
kanti lithi belingazi nokuthi intombi ibizithwele.
- AP