Isigayigayi sibulale 7 e-Iraq
2012-11-28 12:03
Tarmiyah - Ushayasibhamu obehlome ngezibhamu ezinguthulamsindo uhlasele emzini osenyakatho yeBaghdad ngoLwesithathu, wabulala amalungu omndeni ayisikhombisa, kuhlanganisa nezingane ezintathu, kusho abezokuphepha nabezempilo.
Amalungu amabili omndeni, kuhlanganisa nelilodwa elishonile, abengaphansi kwamasosha i-Qaeda Sahwa, okungamasosha esizwe sama-Sunni.
Lokhu kuhlasela okwenzeke edolobheni iTarmiyah kwenzeke ngezithuba zabo-1:00.
Phakathi kwabashonile yizingane ezintathu, eneminyaka emibili, emithathu nenye eneminyaka eyisikhombisa ubudala.
Lolu dlame luze ngemuva kosuku kwenzeke izigameko zokuqhuma kwamabhomu angu-15 kanye nokudubula okushiye kushone abantu abangu-19 kwalimala abangu-71 khona e-Iraq.
Udlame e-Iraq selwehle kakhu kusukela ngonyaka ka-2006 no-2007, kodwa izehlakalo zokuhlasela zisavamile.
Ngokusho kwabantu bakahulumeni wase-Iraq, bangu-144 abantu ababulewe kwalimala abangu-264 ekuhlaseleni kwangenyanga edlule.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP