Isifo esingaziwa sibulala izingane eCambodia
2012-07-05 10:10
London - Izikhulu zezempilo eCambodia zifuna imbangela yesifo esesibulale izingane ezingaphezulu kuka-60 ezinyangeni ezintathu ezedlule, kusho iWorld Health Organisation ngoLwesine.
Lesi sifo esingaziwa sesibulale izingane ezingu-61 kwezingu-62 ezingeniswe ezibhedlela kusukela ngo-Ephreli, kodwa azikho izinkomba ezibonisa ukuthi siyathathelana, kusho okhulumela i-WHO u-Aphaluck Bhatiasevi.
Uthe abezempilo bazama ukuthola ukuthi yisifo esisodwa yini lesi esidala lokhu kugula noma yizifo ezahlukene.
Izingane ezishonile ezingaphansi kweminyaka eyishumi kanti ziqala ngokuba zibe nemfiva, kulandele izimpawu zokungasebenzi kahle kwemizwa kulandele ngezinkinga zokuphefumula.
Lesi sifo sesibikwe ezibhedlela ezisezifundazweni ezingu-14, kanti zibikwe kakhulu eCambodia.
Esitatimendeni kucashunwe uNgqongqoshe wezeMpilo uMan Bung Heng ethi kungathatha isikhathi eside ukuthola imbangela yalesi sifo kanti namazwe angomakhwelane sebewazisile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP