Isathukile iJapan ngolwase-Algeria

2013-01-22 12:11

Tokyo - Basale bephithene amakhanda eJapan ngoLwesibili ngemuva kokushona cishe kwabantu bakhona abayisikhombisa e-Algeria, sekunxuswe ukuba kuvikelwe labo abasebenza ngaphandle kwezwe labo nokuthi bacabange ukuthi izakhamuzi zabo azizijwayele izigameko zobushokobezi.

Amaphephandaba kanye nezinhlelo zikamabonakude ziveze kabanzi ngemuva kwesiqiniseko esenziwe ebusuku ukuthi ngempela izwe libhekene nani, njengoba nosomabhizinisi ohlonishwayo iNikkei ethi ukudinwa kweJapan kufanelekile.

Ngemuva kancane uNdunankulu uShinzo Abe etshele isizwe ukuthi abantu abayisikhombisa abebesebenza eJGC ogwadule lwaseSahara babulewe, okhulumela inkampani uTakeshi Endo udlulise amazwi enduduzo.

"Silahlekelwe yiningi labasebenzi abanekhono. Ngihluleka nokukhuluma," kusho u-Endo. "Kubuhlungu kakhulu."

Abanye abathathu baseJapan abakatholakali kulandela ukuhlasela okwenziwe yizihonga ezingamaSulumane.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...