Injabulo nengcindezi u-Obama ehambele eMyanmar
2012-11-19 10:01
Yangon - UMengameli waseMelika uBarack Obama ube ngumengameli wokuqala waseMelika ukuthi ahambele eMyanmar, njengoba ethathe uhambo lwamahora ayisithupha ngenhloso yokuyozama ukubuyisa uzinzo, kuqedwe umbuso wamasosha kube nombuso wenkululeko.
Umhlangano wokuqala ka-Obama, uwubambe noMengameli uThein Sein, owabe eyilungu lamasosha, nowathatha isikhundla sakhe ngoMashi 2011.
"Ngihlangane naye ngamazisa ukuthi lokhu okuqhubekayo kuyingxenye yohambo olude asazoluthatha," kusho u-Obama etshela abezindaba ngesikhathi uThein Sein, emi eceleni kwakhe.
Izinkulungwane zabantu abadala nabancane bajabulele u-Obama, ngesikhathi edlula eya ePhalamende lakudala elisenhlokodolobha iYangon, nokuyila ehlangane khona noThein Sein.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Reuters