Ingozi yebhasi ibulale inqwaba eNepal
2012-07-03 07:17
Katmandu - Amaphoyisa athi ibhasi liphaphalaze lakhalakathela eweni emgwaqeni osentshonalanga neNepal, kwashona abantu abayisishiyagalombili kwathi abangu-26 balimala.
Isikhulu samaphoyisa uShyam Bahadur Saud uthe le ngozi yenzeke ngoLwesibili ekuseni.
Abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela eziseduzane.
Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ukuze athole imbangela yale ngozi, kodwa athi imvula enamandla yenze umgwaqo washelela.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP