Ingozi yebhasi ibulale 15 e-Indonesia
2013-02-27 14:04
Jakarta - Kushone abantu abangu-15 kwalimala abangaphezulu kuka-60 ngoLwesithathu ngesikhathi ibhasi liwela emanzini e-Indonesia esifundazweni saseWest Java, kubike abezindaba ze-Antara.
Ingozi yenzeke lingakapheli isonto iloli elithwala izimpahla lishayise izimoto kuso lesi sifunda ngoMgqibelo, kwashona abantu abangu-16.
Zimbili izingane ezilimale engozini yangoLwesithathu kanti kwembulwa kwembeswa kuzona, kusho abezempilo.
"Ezinye izisulu ezilimale kakhulu azikaphaphami," kuchaza abe-Antara, becaphuna uDarmawan, nongudokotela esibhedlela sendawo, esho kanje.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA