Indoda igwaze izingane ezingu-22 eChina
2012-12-14 14:02
Beijing - Indoda ivuke umbhejazane yagwaza izingane ezingu-22 ezifunda esikoleni samabanga aphansi eChina, kusho izikhulu kuleliya lizwe ngoLwesihlanu.
Umhlaseli lo uboshiwe, kusho okhulumela uhulumeni waseGuangshan esifundazweni iHenan, nalapho kwenzeke khona lesi sigameko.
"Kugwazwe izingane ezingu-22 zesikole samabanga aphansi, nomuntu omdala ohlala endaweni, kodwa akekho oshonile," kusho lesi sikhulu esinqabile ukudedela igama laso sitshela abe-AFP.
Inhlangano yabezindaba iChina News Service ithe le ndoda ihlasele abafundi ngaphandle kwamagceke esikole.
IChina isike yazibona izigameko ezinjengalezi kule minyaka emibili eyedlule, okubalwa izigameko zango-2010 nalapho kwabulawa khona abantu abangu-15.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP