Imizamo yokuketula u-Assad
2012-11-12 10:00
Doha - Iqembu eliphikisayo eSyria elahlukana phakathi selivumile ukuhlangana ukuze lizomelana noMengameli uBashar al-Assad.
Ngemuva kwezinsuku ezine zomdonsiswano wezingxoxo eQatar, iSyrian National Council (SNC) ngeSonto igcine isisayinile isivumelwane sokwakha umbimbi njengokwesifiso sama-Arab namazwe eseNtshonalanga.
Lokhu kuze ngesikhathi amazwe aseNtshonalanga enokukhathazeka ngezinxushunxushu eSyria, kulandela ukuba izwe lakwa-Israel lidubule lapho kukhona khona abagcini bokuthula be-UN.
Umholi wamaSulumani, u-Ahmed Moaz al-Khatib, 52, ukhethwe ukuba abe yinhloko yeqembu elisha, kwathi uRiad Seif noSuhair al-Atassi bamanye amaqembu aphikisayo bakhethwa njengamaphini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP