Idelakufa libulale 5 ePakistan
2013-02-18 10:53
Peshawar - Izigayigayi, okubalwa nedelakufa zihlasele ihhovisi lesikhulu sezombusazwe ePakistan, ePeshawar ngoMsombuluko, kwashona abantu abayisihlanu, kusho izikhulu.
Isikhulu sezombusazwe, uMutahir Zeb, ubebambe umhlangano eKhyber ngesikhathi kwehla lesi sibhicongo.
Akazange alimale.
UKhyber, noyingxenye yalabo abalwisana namaphekulazikhuni eTaliban emngceleni wezwe ne-Afghan.
Kushone okungenani abantu abayisihlanu ngesikhathi idelakufa liziqhumisa nebhomu ePeshawar, endaweni lapho amaphoyisa egcina khona abasolwa ngobushokobezi.
"Kushone abayisihlanu, kwathi abanye balimala," kusho uJamal Shah, nokhulumela iLady
Reading Hospital.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP