Ibhungu livulele ngenhlamvu emtholampilo

2012-12-17 15:03

Montevideo - Ibhungu livulele ngenhlamvu emtholampilo e-Uruguay, latshela amaphoyisa ukuthi belifuna ukwenza lokhu okwenzeke eMelika ngesikhathi kubulawa izingane ezincane nabasebenzi, kusho iziphathimandla ngeSonto.

Amaphoyisa athe akulimalanga muntu ngesikhathi leli bhungu elineminyaka engu-18 lidubula ngoMgqibelo edolobheni iPaysandu.

Amaphoyisa athe leli bhungu, elingadalulwanga igama lalo, litshele amaphoyisa ukuthi belihlose ukuzibulala.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi libe selithi belizama ukwenza lento eyenzeke eMelika lapho ushayasibhamu edubule khona umama wakhe, nezingane ezingu-20 kanye nabasebenzi abayisithupha eSandy Hook Elementary School, eConnecticut, ngaphambi kokuzidubula naye.

Abezindaba babike ukuthi leli bhungu liqale laya kwesinye isikole edolobheni, kodwa lathola kunabantu abancane kusona, labe seliphikelela esibhedlela.

Libe seliboshwa layiswa eklinikhi ukuyohlolwa ingqondo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...