Ibhomu libulale 7 ePakistan

2013-02-14 14:01

Parachinar - Ibhomu ebiseceleni komgwaqo ishaye imoto ebithwele amalungu amasosha angahambisani neTaliban enyakatho ntshonalanga nePakistan ngoLwesine, labulala amasosha ayisikhombisa, kusho isikhulumi.

Amalungu angu-9 amasosha athole ukulimala ekuhlaseleni okwenzeke esigodini saseStanzai esihlala abantu bobuzwe bama-Orakzai ngasemngceleni wase-Afghanistan, kusho uFazal Naeem.

Amasosha abelibhekise emhlanganweni ukuyodingida amasu okubhekana neTaliban ePakistan ngesikhathi ehlaselwa, usho kanje.

Akekho osephumele phambili wavula isenzo sokuhlasela kodwa kusolwa yona iPakistani Taliban njengoba isike yahlasela kaningingana kanje.

Ukuhlasela kwakamuva kuze ngemuva kwamahora amadelakufa amahlanu ehlasele isiteshi samaphoyisa edolobheni laseBannu, kwalimala iphoyisa elilodwa.

Isikhulu samaphoyisa akuleli dolobha uNisar Tanoli sithe amadelakufa amathathu aziqhumise ngebhomu amanye amadelakufa amabili wona adutshulwe ngamaphoyisa ashona.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...