Ibhomu libulale 30 eSyria
2013-01-22 10:01
Beirut - Kushone abantu abangaphezu kuka-30, okuyizakhamuzi namasosha kahulumeni, ngesikhathi idelakufa liziqhumisa nemoto ebihlohlwe iziqhumane eSalmiyeh, kusho iSyrian Observatory for Human Rights.
Isikhulu esiphezulu sikahulumeni sikuqinisekisile lokhu ku-AFP.
Inhlangano emele amalungelo abantu nezinze eBrithani ithi le moto ibibhekiswe ebhilidini elinamavukelambuso.
Le nhlangano ithe kushone abantu abangu-30.
Kubikwa ukuthi lingase linyuke inani labantu abashonile njengoba bebaningi abalimele nabasesimweni esibucayi.
Amazwe omhlaba aqhubekile nokugxeka udlame nokushona kwabantu abangenacala eSyria.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA