Ibhekene namathathu evulele ngenganono esontweni

2015-09-21 08:36

East Selma - Indoda yaseSelma e-Alabama eneminyaka engu-26 ubudala ibhekene namacala amathathu okuzama ukubulala  ngemuva kokudubula intombi, ingane yayo nomfundisi ebandleni lase-Alabama, kusho iziphathimandla ngeSonto.

UJames Junior Minter ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuba evulele ngenhlamvu esontweni kusaqhubeka inkonzo e-Oasis Tabernacle e-East Selma e-Alabama, kusho uMmeli waseDallas uMicheal Jackson.

UJackson uphinde wathi lo owesifazane odutshuliwe uyintombi kaMinter kanti lokhu kudubula kulandela izinkinga zasekhaya.

Abazibonele batshele amaphoyisa ukuthi uMinter ungene esontweni wayohlala phambili phakathi kwentombi yakhe nengane, ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa aseSelma.

OLUNYE UDABA: Ushayasibhamu ugasele esontweni wavulela ngenhlamvu

UMinter ube esekhipha isibhamu wabe esevulela ngengonono, kuqhuba isitatimende.

Intombi ibe isiwela phansi uMinter waqhubeka wayidubula egxalabeni kanti ingane idubuleke esandleni.

Umfundisi ube esezama ukubamba uMinter wadubuleka emlenzeni ezama ukulamula.

Amalungu ebandla aeb eselwisana noMintwer amphuca isibhamu esandleni, kusho amaphoyisa.

UMinter ube esephuma ngesamagundane esontweni.

Umfundisi ube eseyiswa egumbini lokulakswa ebandleni kanti intombi nengane baphuthunyiswa esibhedlela saseBirmingham.

Izisulu zisesimeni esikahle.

UMinter uboshwe amakilomitha angu-1.6 nebandla kanti isibhamu sitholwe esintweni, kusho isitatimende.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...