Ibhasi lezivakashi engozini eCalifornia
2013-02-04 12:00
Yucaipa - Ibhasi lezivakashi lishayisane neloli emgwaqeni omkhulu osezintabeni zasendaweni yasemakhaya eSouthern California, kwashona abantu abayisishiyagalombili kwathi abanye balimala, kusho iziphathimandla.
Le ngozi yenzeke ngezithuba zabo- 18:30. ngeSonto kanti ihlanganisa ibhasi lezivakashi, iloli ebelidonsa isigedla nemoto, kusho iphoyisa lomgwaqo eCalifornia, uMario Lopez.
Ukuqinisekisile ntambama ngeSonto ukuthi kushone abantu abayisishiyagalombili kwathi abanye abaningi bathola ukulimala.
Okhulumela abezicishamlilo u-Eric Sherwin uthe bangu-27 abantu abalashelwe endaweni yesehlakalo. Kanti kukhona abalimale kakhulu nalabo abathole imihuzuko.
Abantu bebesakhishwa ebhasini ngemuva kwehora kwenzeke ingozi, kanti futhi abatakuli bebesabheka abanye okungenzeka ukuba basavaleleke ngaphakathi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP