IWal-Mart iyaziqhelelanisa nolwaseBangladesh

2012-11-27 10:00
Yabelani Shicilela

Dhaka —  Ifemu yendwangu lapho kushone khona abantu abangu-112 ngesikhathi kuqubuka umlilo ngempelasonto ibisebenzela iWal-Mart, kodwa le nkampani ithi ibingakwazi lokho.

IWal-Mart ithe ifemu iTazreen Fashions Limited ibingasayikhiqizeli izimpahla ngenxa yokuthi ibiphambana nemigomo eminingi yalesi sikhondlakhondla senkampani yaseMelika.

"Bese singasasebenzisani nale femu," kusho le nkampani yaseMelika esitatimendeni ngoMsombuluko.

"Kuyasikhathaza kakhulu ukwenzeka kwale ngozi, kanti sizoqhubeka nokugqugquzela ukuthi kufundiswe ngezokuphepha eBangladesh."

Lo mlilo wangoMgqibelo ube yisigameko esingakaze sabonwa eBangladesh.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-26°C Sunny. Mild. PE: 15-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...