ITaliban isabisa ngokubulala iNkosana uHarry

2012-09-10 11:00
Yabelani Shicilela

Kandahar - ITaliban izwakalise ukuthi izimisele ngokubulala iNkosana yamaNgisi uHarry, kusho okhulumela amasosha nothe leli qembu linezinhlelo ezisezingeni eliphezulu ngalokhu.

"Sizokwenza ngakho konke okusemandleni ukubulala uHarry kanye namanye amasosha azobe aseHelmand," kusho isikhulumi, esizibize ngoZabihullah Mujahid, ngesikhathi sikhuluma ngocingo nabe-AFP sisendaweni engaziwa.

"Akubalulekile ukuba simthumbe. Sifuna yena futhi sizombulala,” kusaqhuba yena.

UHarry, 27, owaba ngundabamlonyeni ngeyedlule ngesikhathi ethwebulwe enqunu esephathini eLas Vegas, uzochitha izinyanga ezine esekhempini eseCamp Bastion eHelmand.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...