ISyria inezikhungo zokuhlukumeza - Umbiko
2012-07-03 10:00
New York – Abezobunhloli eSyria banezindawo abahlukumeza kuzona abantu ezweni lonke lapho abantu ababoshiwe beshaywa khona ngamakhebuli, bashiswe nange-acid, bahlukunyezwe nangokocansi, bahleshulwe izinzipho zeminwe, kusho abamalungelo abantu embikweni wangoLwesibili.
Inhlangano yamalungelo abantu yaseNew York ihlonze izikhungo ezingu-27 okugcinwa kuzona ababoshiwe, ithi zaqala ukusetshenziswa abezobunhloli kusukela kuqala uqhekeko kuhulumeni kaBashar al-Assad ngoMashi 2011 ngesikhathi ababhikishi bezama ukumketula.
Inhlangano yamalungelo abantu ixoxisane nabantu abangaphezulu kuka-200 abathe bahlukunyezwa, phakathi kwabo kukhona nowesilisa oneminyaka engu-31 ubudala owagcinwa e-Idlib ngoJuni wakhunyuliswa izingubo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP