IMelika izobuyekeza ezokuphepha eLibya
2012-09-21 10:04
Washington - UNobhala woMbuso eMelika uHillary Clinton usememezele ukuthi kuzobuyekezwa ezokuphepha ezindlini zenxusa labo eLibya kulandela izidubedube ngefilimu eyakhiwe eMelika, nekuthiwa inyuka inkolo yobuSulumane.
Khonamanjalo, iWhite House iphefumule okokuqala ngalesi sigameko sokuhlasela, nesibulale abantu baseMelika abane, njengokuhlasela ukohlobene nobushokobezi kanti kungenzeka ukuthi kwenziwe yiqembu lezihonga, i-al-Qaeda.
UMnyango woMbuso uthola ingcindezi njengoba abaningi bekhala ngokuthi izindlu zenxusa azukutholi ezokuphepha ezanele eBenghazi.
Le filimu equbule umsindo kuthiwa ihlekisa ngoMphrofethi Muhammad.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP