IMelika igxeka iTaliban ngesenzo seNato

2011-11-29 12:00

Washington - Amasosha eNato kungenzeka ukuba aluthwe yiTaliban ngesikhathi ehlasela abangani bawo basePakistani emngceleni, ngokusho kombiko wamasosha aseMelika. 

Indiza yeNato idubule yabulala amasosha asePakistani angu-24 ngempelasonto, nokube yiphutha ngesikhathi ebafanisa nabantu okungebona, kusho umbiko weThe Associated Press.

Amasosha asebenza ngokuhlanganyela aseMelika nawase-Afghanistan  ahlaselwe yinhlangano yamaphekulazikhuni iTaliban ekuseni ngoMgqibelo, ngesikhathi efuna isitha.

Lokhu kuholele ekutheni asiphambanise nesosha lasePakistan atshela iNato ukuba ivulele ngenhlamvu.

Izikhulu zaseMelika zithi lesi senzo seTaliban kungenzeka ukuba basenze ngenhloso ukuze kulimale ubudlelwano bamasosha aseMelika, iNato kanye nawasePakistan asemngceleni.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Tstorms early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Tstorms early. More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Widely scattered tstorms. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...