I-Swine flu ibulale 95 eNdiya
2013-02-08 14:03
New Delhi - Isifo i-swine flu enyakatho neNdiya sesibulale abantu cishe abangu-95 kusukela kuqale unyaka, kubike abezindaba nezikhulu zakuleliya lizwe ngoLwesihlanu.
Babalelwa ku-500 abantu osekubikwe ukuthi bane-H1N1 ezifundeni ezine kuhlanganisa nenhlokodolobha iNew Delhi kanye nesifunda saseRajasthan okuyisona esihlaselwe yilesi sifo kakhulu, kubike iphephandaba iTimes of India.
NgoLwesithathu besekubikwe ukuthi bangu-64 abantu baseRajasthan abashonile, abangu-18 kubikwe ukuthi bashone eHaryana, kuthi abangu-10 ePunjab kanye nabathathu eNew Delhi , kusho imibiko ecaphune izibalo eziphuma ehhovisi lezempilo.
Okhulumela iHhovisi lezeMpilo akakwazanga ukuqinisekisa lezi izibalo okwamanje.
Ucaphume ucwaningo lweWorld Health Organization oluthi isifo i-H1N1 siyabhebhetheka njengoba kuyisikhathi somkhuhlane kanti nokuqubuka kwaso sekubikwe cishe ezweni lonke.
IWorld Health Organisation ike yakhipha isexwayiso ngokuthi kusazoba nokuqubuka kwesifo i-H1N1 kulandela ukuphela kwaso ngo-Agasti 2010, kusho isikhulumi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP