I-Australia ifakele unswinyo elaseGibhithe

2015-02-25 13:30

Canberra – Izwe lase-Australia ngoLwesithathu lifakele unswinyo lwezimali iqembu lamaphekula eGibhithe i-Ansar Bayt al-Maqdis.

UNgqongqoshe wezangaPhandle uJulie Bishop uthe esitatimendeni unswinyo luhambisana nesivumelwano se-United Nations Security Council sokunqanda izenzo zobushokobezi.

Abantu abayotholakala benecala bayogwetshwa iminyaka eyishumu bebhadla ejele.

Funda nalolu daba:  Kuzokwakhiswa izingane ezakhiwa abantu abathathu.

IMelika ifakele leli qembu unswinyo olufanayo ngonyaka odlule.

IMelika yathi leli qembu lenza izinto ezifanayo ne-al-Qaeda kodwa alinakho ukuxhumana okwaziwayo.

I-Ansar Bayt al-Maqdis yasungulwa ngo-2011 kanti isike yahlasela amadolobha akwa-Israeli, e-Eilat naseSinai.

Leli qembu selike lazama nokubulala izikhulu zaseGibhithe futhi ladalula ukuthi liyathinteka ezehlakalweni eziningi zobushokobezi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...