Bekuyisidumbu sikaDorner - Amaphoyisa
2013-02-15 07:21
Los Angeles - Amaphoyisa aseCalifornia asekuqinisekisile ukuthi isidumbu esitholwe singamalahle bekungesalowo owayeyiphoyisa, nobelwisana nawo, ngokusho kombiko.
Amaphoyisa aseSan Bernadino County, nalapho kuqubuke khona impi yezulu lezandla ngasekuqaleni kwaleli sonto, atshele iphephandaba iTimes ukuthi bekuyisidumbu sikaChristopher Dorner, nobeyiphoyisa laseLos Angeles.
Ubefunelwa amacala okubulala nokuzama ukubulala, kulandela ukuthi akhipha i-video ethembisa ngokuqotha imbokodo nesisekelo emaphoyiseni ngoba waxoshwa.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA