Bazochitha isigwebo sentambo eCalifornia

2012-04-24 12:02
Yabelani Shicilela

Los Angeles - Abavoti eCalifornia kulindeleke ukuthi ngenyanga kaNovemba bashaye ujenga bavotele ukuqeda nya isigwebo sentambo, kusho izikhulu zokhetho ezweni.

Umthetho olawula izwe iSavings, Accountability and Full Enforcement for California Act, okuwumthetho ophasisa ukuphepha kuleli lizwe uthole ukwesekwa yinqwaba yabantu, kulindeleke ukuthi mhla ziyisithupha kuNovemba uphasiswe ngokuphelele uma abantu bevota, kusho uNobhala woMbuso uDebra Bowen.

Uma uphasiswa lo mthetho iziboshwa ezingu-725 ezibhekene nesigwebo sentambo zizoguqulelwa isigwebo sibe ngudilikajele.

Lokhu kuzokwenza iCalifornia ibe yizwe lesi-18 elichitha isigwebo sentambo.

Ngesikhathi kuphasiswa isigwebo sentambo ngonyaka ka-1978, uMbuso wabe ungenaso esinye isigwebo esinzima owawungasinika izephulamthetho, kusho isikhulu uJeanne Woodford, esitatimendeni.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 3-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-15°C Sunny. Cool.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...