Bazobongwa ngemali abazalayo eSingapore

2013-01-21 14:02

Singapore - ISingapore imemezele ngamabhonasi azotholwa ngomama abasanda kubeletha, nangokwandiswa kwesikhathi sekhefu esizotholwa ngabazithwele.

Lokhu kuhloswe ngakho ukwandisa isibalo sabantu ezweni kuphinde kuncishiswe ekuthembeleni kumazwe angaphandle.

Omama bezingane zaseSingapore, ezizalwe kusukela ngo-Agasti 26 ngonyaka owedlule, bazoxhawulwa ngesamba esingu-Sg$6 000 ($4,900), bebongwa ngazo zonke izingane ezimbili zokuqala, abazoziletha emhlabeni.

Isamba sizokhula, ngokukhula kwezingane...ngengane yesithathu neyesine, umzali uzonikwa u-Sg$8 00, kuze abazali bezokwazi ukuthola lo mvuzo, kumele okungenani umzali oyedwa abe ngowasezweni.

Obaba bezingane ezizozalwa kusukela ngenyanga kaMeyi, kulo nyaka, bazonikwa isonto lonke behleli emakhaya bejabulela ukuba ngobaba, kusho abeNational Population and Talent Division (NPTD).

Obaba bangakwazi ukuphinde bahlephule isonto libe linye behlezi emakhaya, behlephula ekhefini elinikwe omama bezingane zabo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...