Bazobhadla ababulala omnyama
2012-08-23 16:28
London - Amadoda amabili amhlophe aseBritani, alahlwa yicala lokubulala umfana omncane omnyama, ahluleke ancama ukuzama ukuguqula isigwebo.
Ekuqaleni konyaka uGary Dobson, 36, noDavid Norris, 35, bagwetshwa odilikajele ngokubulala uStephen Lawrence, 18, owabulawa ngonyaka ka-1993.
UDobson noNorris babeyingxenye yeqembu lezigelekeqe eziwuhlupho, kuthiwa bavele bagwaza babulala uLawrence ngaphandle kwesizathu.
Ijaji uColman Treacy uthe ukubulawa kukaLawrence kuyisihluku esesabekayo, uthe ababulali babenenzondo futhi becwasa ngokwebala.
Ijaji licele amaphoyisa ukuthi aqhubeke nokuthungatha abanye abasolwa kuleli cala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).