Bawotha ubomvu ngezelamani ezidlwenguliwe eNdiya

2013-02-21 16:15

New Delhi - Amaphoyisa asephume inqina athungatha amadoda asolwa ngokudlwengula izelamani ezintathu ezineminyaka ephakathi kweyisihlanu neshumi nesihlanu.

Amaphoyisa aseNdiya athi kudlwengulwe izingane ezineminyaka yobudala eyisihlanu, ishumi nane kanye neneminyaka eyishumi nesihlanu.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uJaved Ahmed, uthi izidumbu zezelamani zatholakala eMaharashtra, ngosuku lwezithandani.

Izingane zabikwa ukuthi zinyamalele ngesikhathi zingabuyi esikoleni.

Umphakathi obuthukuthele uvale umgwaqo uthe kumele kwenziwe ubulungiswa, kuboshwe abasolwa.

Kwenzeka lokhu nje, abantu baseNdiya basanda kuthukutheliswa yisehlakalo sokubulawa kowesifazane obefundela ubudokotela, lona wadlwengulwa ehamba nesoka lakhe wase ebulawa ngesihluku.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...