Batholake bebulewe epaki eKazakhsthan
2012-08-14 14:02
Moscow - Amaphoyisa aseKazakhstan amatasa athungatha abasolwa ababulale abantu abayisishiyagalombili ababulawe epaki yomphakathi, kusho umthombo wezindaba endaweni.
Abanye babantu ababulewe batholakale benamanxeba okugwazwa, kusho uNgqongqoshe wezaseKhaya uKalmukhanbet Kasymov.
Abaseshi bathole izidumbu ezimbili emzini othize esifundeni iKarasaisky, buqamama nasenhlokodolobha i-Astana.
Ezinye izidumbu zabantu zitholakale epaki, abanye batholakala beshisiwe besesikhotheni.
UKasymov uthe basola ukuthi ababulewe babebanjwa inkunzi, uthe bakholwa wukuthi umbulali noma ababulali bayazana nabashonile.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).