Babulala indodakazi bethi iphucuzekile
2012-08-03 16:13
London - Inkantolo yaseBrithani ibathole benecala abashadikazi ababulala indodakazi ngoba beyisola ngokuthi isiphucuzeke kakhulu.
Inkantolo eChester Crown ithole ukuthi u-Iftikhar noFarzana Ahmed, bobabili abangabokudabuka ePakistan, babulala indodakazi uShafilea, 17, ngonyaka ka-2003.
Udadewabo kamufi u-Alesha utshele inkantolo ukuthi abazali bakhe baphushela uShafilea kusofa bamcindezela bemfake upulasitiki ekhanda, uthe wezwa unina etshela uyise ethi “mqedele”.
Ufakazi uthe abazali babekhala ngokuthi udadewabo usephucuzekile njengoba anqaba ukushada nesoka abamtholela lona.
Amaphoyisa athi baningi abangena emshadweni eyimpoqo emiphakathini yamaSulumane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).