Bathi ongaphilele ekhanda ubulale umndeni

2013-01-11 14:27

Sofia - Izithandani zaseBulgaria, amadodana azo asekhulile kanye nogogo, batholakale beshonile efulethini eliseSofia benamanxeba okugwazwa nawokudutshulwa, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Imibiko yabezindaba ithe indodana eyodwa, eneminyaka engu-27 ubudala engaphilile kahle ekhanda, iyona ebulale laba abane ngemuva kwalokhu yazibulala nayo.

Amaphoyisa anqabile ukuqinisekisa leyo mibiko ngaphambi kokuba kuhlolwe izidumbu, athe uphenyo aselwenzile alukhombisi ukuthi kunabanye abantu abangene efulethini ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Isidumbu ebesigcwele igazi sikagogo oneminyaka engu-79 ubudala sitholwe kuqala, sitholwa ngumakhelwane obekhathazekile, onokhiye wokuvula efulethini.

Ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa athole isidumbu sendodakazi kagogo nomyeni wayo, abaneminyaka engu-54 no-55 ubudala, kwatholakala ezamadodana abo amabili, aneminyaka engu-27 no-21 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa aseSofia, uValery Yordanov uthe umese kanye nesibhamu sikababa esisemthethweni, kutholakale endaweni yesehlakalo.





  – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-21°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...