Bathi akashiye isikhundla undunakulu waseSpain

2013-02-04 14:03

Madrid - Umholi weqembu eliphikisayo eSpain iSocialist Party, usephonse inselelo kuNdunankulu wezwe uMariano Rajoy, ethi akasule esikhundleni, kulandela izinzolo zokukhwabanisa.

"URajoy kumele ashiye isikhundla sakhe njengenhloko kahulumeni, njengoba ebhekene nesikhathi esinzima," kusho u-Alfredo Perez Rubalcaba, etshela abezindaba.

Iphephandaba lezwe i-El Pais labika ukuthi kunezimali ezazifakwa ngqo kwi-akhawunti yasebhange kaRajoy nezinye izikhulu zikahulumeni.

URajoy uyazichitha lezi zinsolo.

"Undunakulu angeke akwazi ukuhola izwe ngalesi sikhathi esibucayi kangaka," kuqhuba uRubalcaba.

Izinsolo lezi kuthiwa zithukuthelise abantu baseSpain ababhekene negwadla yokushoda kwamathuba omsebenzi, ekuthiwa kwenyuke ngo-26% kusukela iqembu elibusayo labuyela esikhundleni ngo-1975.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...