Basabela izimpilo zabo abezempilo eSyria
2012-05-15 14:03
Paris – Abantu abalimele muva
nje eSyria, kanye nabezempilo abazame ukubasiza, babeke eceleni ukuthi bangase
baboshwe noma bashaywe, kusho abosizo lwezempilo iMedecins Sans Frontieres
(MSF) ngoLwesibili.
Odokotela beMSF, ngemuva kokuhlulela ukuthola imvume yokusebenza kuleliya lizwe,
bazingenele ngokwabo bakwazi ukufinyelela eHoms nase-Idlib okuyizindawo zamavukelambuso,
futhi okuyindawo lapho abezempilo bezingelwa khona baboshwe noma bashaywe
kanzima, kusho isikhulu seMSF uDounia
Dekhili.
"Sisesimweni esihlukile eSyria: akuvunyelwe ukusizwa kwabantu, kanti
ukuhlukunyezwa kwabalimele nodokotela kuyingxenye umbuso owenza ngayo izinto,”
usho kanje.
"Ngokusho kodokotela baseSyria, usuke usengozini efanayo nomuntu
otholakale ephethe isibhamu kanye nalowo otholakale enakekela abalimele,” kusho
udokotela obeyingxenye yethimba leMSF ebelihambele kuleliya lizwe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP