Bangene okhethweni eCuba
2013-02-04 07:20
Havana - Abantu baseCuba baphume ngobuningi babo ukuyoqoka umholi omusha ophakanyiswe yiCommunist Party, kusho umbiko wakamuva
UMengameli Raul Castro nabanye abaholi batshengiswe kuthelevishini bevota baze baphawula nangokubaluleka kokuvota.
Bathi uma abantu bevota baqhakambisa ukubaluleka koshintsho nokuthi bazimele geqe, ngaphandle kweMelika.
Umholi osewathatha umhlalaphansi, uFidel Castro, kulindeleke ukuthi avotele kwakhe.
URaul Castro uzama ukuletha ushintsho kwezomnotho wezwe, njengoba esevumela nezinkampani ezizimele ukuba zibe yingxenye yokuthuthukiswa kwawo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters