Bamdlwengula bazama ukumgandaya ngemoto - Umbiko
2013-01-02 09:00
New Delhi - Isigejana esisolwa ngokudlwengula sibulale owesifazane eNdiya, kuthiwa sazama ukumgandaya ngemoto ngemuva kokumdlwengula, kusho umbiko ngoLwesithathu.
Isoka lalona wesifazane lashaywa kanzima ngabasolwa, lase liphonswa ngaphandle ibhasi lihamba, konke lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi owesifazane esedlwengulwe waphindelelwa.
Kulindeleke ukuthi amaphoyisa ethule umbiko ongamakhasi acela enkulungwaneni, awethule phambi kwenkantolo.
Ngenyanga eyedlule, owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala, ofundela ukuba ngudokotela, wadlwengulwa wabulawa ngabasolwa abayisithupha, ngesikhathi ehamba nesoka lakhe.
Lesi sehlakalo simise ngezinyawo izakhamizi zaseNdiya kanjalo nomndeni kamufi, othi kumele abasolwa balengiswe babulawe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).