Balwa nobandlululo abe-AC Milan

2013-01-04 15:03

Paris - Umqeqeshi we-Italy uCeasare Prandelli uzihole phambili wazwakalisa ukuncoma iqembu i-AC Milan, ngesenzo salo sokushiya phakathi umdlalo wesihle ngemuva kokuba abanye babadlali bayo bebecwaswa ngebala, becwaswa ngabalandeli.

"Sincoma umqeqeshi, neqembu. Sikhathele yilento manje," kusho uPrandelli.

"I-Italy kumele ikhule. Lesi yisinyathelo sokuqala, kuyancomeka okwenziwe yiMilan. Cishe sizogcina siyinqobile le nkinga yokucwasa abantu."

UKevin-Prince Boateng ube ngowokuqala ukuphuma enkundleni ngoLwesine eBusto Arsizio, ngesikhathi abanye abalandeli beqembu lasekhaya iPro Patria bemumemeza kabi ekanye nabanye abadlali abamnyama, abahlanganisa noM'Baye Niang, Urby Emanuelson noSulley Muntari.

Umqeqeshi uMassimiliano Allegri nabanye abadlali abadlalela leli qembu elidlala kwi -Serie A nabo basike iphethini baphuma enkundleni.

 UBoateng ukhahlele ibhola laya ezihlweleni wakhumula ijezi, wase ephuma enkundleni maphakathi nesiwombe sokuqala.

UBoateng kubikwa ukuthi walile ukubuyela enkundleni ngesikhathi abadlali bePro Patria bemcela abuyele wase ekhombisa ukubonga kulabo balandeli abakhombise ukungahambisani nokucwasa abanye abadlali.

Umdlali weMilan uStephan El Shaarawy, ohamba phambili ngamagoli angu-14 kwi-Serie A, ubhale kuTwitter lwathi lesi senzo simshiye evaleke umlomo.

Inhlangano yebhola e-Italy (FIGC) ithe isiqalise uphenyo njengoba amaphoyisa ezama ukuhlonza labo abebecwasa abadlali.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Siyanda isibalo sabazibulalayo e-US

Emizuzwini eyi-51 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Scattered showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Mild.
Dbn: 19-27°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 20-27°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...