Balimele kuqhuma ibhomu eTurkey
2012-08-09 15:16
Turkey - Amabhomu
amabili aqhume eceleni komgwaqo elimaze ibhasi ebelithwele amasosha aseTurkey,
kwashona oyedwa kwalimala amanye angu-11, kusho iHhovisi likahulumeni ngoLwesine.
Ukuqhuma
kushaye ibhasi ngase-Aegean eFoca, kusho owehhovisi lesifundazwe sase-Izmir, uCahit Kirac wasesifundazweni sase-Izmir uyena oqinisekise lezi zibalo.
Imibiko
ithi phakathi kwabalimele, ngamasosha ayisithupha bese abanye kube yizakhamizi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).