Bafuna ukubuyela emsebenzini abasinda kusha

2012-12-03 12:02
Yabelani Shicilela

Dhaka - Izitolo ezinkulu zezingubo sezikhombise ukungahambisani nefemu yaseBangladesh yendwangu okwashona khona abasebenzi abangu-112 ngenxa yomlilo ngenyanga edlule, kodwa abasinda ababoni ngokufanayo. Ngeke bakwazi ukuhlala emakhaya.

Amafemu afana naleyo eyasha ngoNovemba 24 awandile kanti abantu baphila ngawo kuleliya lizwe elikhungethwe ububha, njengoba manje iningi labasebenzi abangaphezulu kuka- 1 200 abasinda selisele lingenamisebenzi.

Ngisho noDipa Akter, owaphuma ngewindi esitezi sesithathu ufuna ukubuyela eTazreen Fashions.

"Uma abaphathi befemu beyivula futhi ifemu maduzane, sizophindela siyosebenza," kusho lo msebenzi oneminyaka engu-19 ubudala.

"Uma ivalwa isikhathi eside kuzomele sizame ukubheka ezinye izindlela."

Kwaphela imizuzu engu-25 u-Akter ezama ukwehla aye ezansi kodwa ngenxa yentuthu akakwazanga waze waphoqeleka ukuba aphume ngewindi, kanti uthi yayingasekho enye indlela ayengenza ngayo."

Kumanje akakwazi ukuhamba kahle.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 12 eqhweni eNepal

2014-04-18 14:03
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 15-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...