Bafuna kwehle umengameli eMauritania
2012-07-19 16:29
Nouakchott - Izinkulungwane zabahlali baseMauritania zibambe umbhikisho enhlokodolobha yezwe zifuna ukuthi kukhishwe esikhundleni uMengameli wezwe uMohamed Ould Abdel Aziz, abamsola ngokungaphathi ngendlela.
Ababikishi basho iziqubulo bethi: "Phuma Aziz sikhathele yimikhuba yakho".
Lo mbhikisho ungomunye kwesike yabonakala ezinyangeni ezedlule kulelizwe.
Umholi weqembu eliphikisayo iCoordination of Democratic Opposition uSaleh Ould Henenna, uthe kumele u-Aziz aphume kungaze konakale kakhulu izinto.
"Umbhikisho wethu unokuthula kodwa sizoqinisekisa ukuthi uyehla esikhundleni.
I-CDO yaqala ukubamba imibhikisho ngenyanga kaMeyi, ikhala ngokuthi umengameli akazigcini izethembiso ezenziwa eDakar mayelana nokuphathwa kwezwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).