Bafuna isisombululo ngeSyria

2013-01-10 15:00
Yabelani Shicilela

Beirut -  Isithunywa se-United Nations eSyria, sithi uMengameli uBashar Asssad angeke abe nandawo kuhulumeni ozongena nozoqeda impi.

"Isivumelwano sokuthula esamukelwe ngamazwe anamandla eGeneva ngonyaka odlule, sithi kumele kungene uhulumeni wesikhashana. Nakanjani ngeke abe yingxenye yalowo hulumeni," kusho isithunywa se-UN uLakhdar Brahimi sitshela iReuters eCairo.

Ugcizelele wathi uhlelo lwaseGeneva yilona "olusayisisekelo sesisombululo eSyria", wathi i-UN ikhathele yimpi esidlule nemiphefumulo yabantu ababalelwa kwabangu-60 000.

"Asikho isixazululo samasosha. Isisombululo akumele silinde u-2014, kumele siqale sisebenze ngo-2013."

UBrahimi uchaze inkulumo ka-Assad yakulelisonto njengekhombisa inkani.

"Inkulumo ka-Assad ikhombise ukungabinandaba futhi yaba nokugcizelela ukuthi ngeke akhulume nezitha nabasemazweni asentshonalanga."



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...