Babuyiselwe eJapan abashone e-Algreia

2013-01-24 12:03

Tokyo - Ibhanoyi libuyisele izidumbu zabantu baseJapan abashona ngesikhathi kuqhuma umshini wegesi e-Algeria ngoLwesine, kusho iTokyo, njengoba kubikwe ukuthi abanye abasebenzi abashonile abakahlonzwa.

Uhulumeni ngoLwesithathu ntambama umemezele ukuthi sekutholakale ezinye izisulu ezimbili, osekubeke isibalo sabashonile kwabangu-9, okwenza kube yisibalo esiphezulu sobushokobezi kusukela kuleso esaziwa ngokuthi yi-9/11.

"Undunankulu useyalele uhulumeni ukuba enze okusemandleni ukuqinisekisa ngekusasa lalabo abasadukile,” kusho uNobhala weKhabhinethi uYoshihide Suga.

Izikhulu zikahulumeni waseJapan zinikele e-Algeria ukuyoqalisa imizamo yazo ekuseni ngoLwesine, ehlanganisa ukuhambela emakhazeni, usho kanje.

"Kuzothatha isikhathi eside njengoba ezinye izidumbu zilimale kakhulu ngendlela yokuthi azisabonakali kahle. Sizowenza ngokucophelela umsebenzi wethu wokuhlonza abanye.”

Abezindaba bathe phakathi kwabangakatholakali kukhona nalowo owabe eyiphini likamengameli uTadanori Aratani, 66, ophinde abe ngumeluleki ophezulu enkampanini yobunjiniyela iJGC, ebiyakha e-Amenas.

Okhulumela inkampani walile ukuphawula ngemibiko.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-12°C Sunny. Cool.
Dbn: 11-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...