Babhikishele ikhonsathi kaLady Gaga

2012-05-18 16:34

Manilla - Izinkumbi zabazalwane basePhilippine babambe umbhikisho bezwakalisa ukungahambisani nekhonsathi ehlelwayo yomculi uLady Gaga bethi abahambisani nokuzinweba nokuhamba nqunu kwakhe.

Abazalwane bathi angeke ibanjwe ezweni labo ikhonsathi kaLady Gaga ebizwa ngokuthi yi"Born This Way".

Abalandeli bakaLady Gaga abaneminyaka engaphansi kwengu-18 ubudala abavumelekile ukuhambeka ikhonsatrhi ngenxa yokwelumela kwezinhlamvu zomculo wakhe kanjalo nokubesabela kulokho azobe ekugila esiteji.

Ababhikishi abalinganiselwa ku-70 benhlangano iBiblemode Youth Philippine baqhinqe ngaphandle kwamahhovisi kamasipala bethi akuvalwe lo mculi kuleli lizwe bekhala ngokuthi ubukisa ngenkolo yobuKrestu kanjalo nangoJesu Krestu uqobo.

ULady Gaga uthole imvume yokucula kuleli lizwe ngoMsombuluko nangoLwesibili kodwa abadidiyeli bacelwe yiMeya yedolobha u-Antonino Calixto ukuthi balandele imigomo ababekelwe yona.


"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 18-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Sprinkles late. More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...